
LIHLEHLILE LOSOLWA NGOXHAXHA LWAMACALA OKUDLWENGULA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ngaphandle kweNkantolo eThekwini nababhikishi.

UMPHAKATHI obumasha ngaphandle kweNkantolo, ngesikhathi kuqhubeka icala.
IZITHOMBE: UMUSA MEDIA
OWAMI THABETHE
UVELE phambi kweMantshi eThekwini, owesilisa oneminyaka eyi-36 ubudala, waeCato Manor ngoxhaxha lwamacala okunukubeza ngokocansi ayi-15, ngoMsombululo mhla zingama-21 kuMandulo.
Leli cala ebelithanyelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, lidonse abantu abaningi abakhala ngalesi senzo salo msolwa, abebebhikisha ngaphandle kweNkantolo, bethi anganikwa ibheyili futhi aze abolele ejele.
Ngesikhathi kuqhubeka icala, kuvele ukuthi umsolwa waqala lo mkhuba ngonyaka wezi-2014 kwaze kwaba ngu-2025.
UNdunankulu uNtuli, uthe ngeke bakubekezelele ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kulesi sifundazwe.
“Asisoze sakubekezelela ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Kumele labo abatholakala benecala babhekane nengalo yomthetho ngokugcwele. Simi nabasinde ekuhlukunyezweni ngokobulili kanye nazo zonke izisulu ze-GBVF, njengoba siqhubeka nokuqinisa impi yokulwa nalesi sihlava KwaZulu-Natal,” kusho uNtuli
Icala lihlehliselwa umhla zingama-28 kuMandulo 2026, umsolwa uzogqunywa esitokisini ngesikhathi amaphoyisa esaqhubeka nophenyo.
