
OWE-FPTP NOHLELO LOKUQWASHISA ABAFANA ABASAKHULA

UHLELO olukuqwashisa ngobugebengu eNtuzuma.

USOMABHIZINISI, uJabulani Mvuyane obecija abafana.

USOMAHLAYA wesifazane uNonto R.
lZITHOMBE: STHEMBISO PRO NDLOVU
AKHONA DLAMINI
BEKUVUNGUZA umoya wenjabulo eNtuzuma, ngesikhathi uSthembiso Pro Ndlovu ehlanganise abafana abasakhula, ezobacija ngobungozi bobugebengu, ijele nokubaluleka kwenhlonipho.
I-From Prison to Palace Crime Awareness Project okuwuhlelo olwasungulwa nguPro Ndlovu, esebenzisa izimo zempilo yakhe asedlule kuzo, ukuze izingane zingaweli esikhisini esifanayo. Lolu hlelo selubuya isibili njengoba ngesonto eledlule beluhambela izikole ezakhele iNanda, kuleli hlandla lakamuva bekugxilwe kakhulu engxoxweni ebibhekene nabafana ebizwa ngeBoys Talk.
Kule ngxoxo bekuboshelwe izikhulumi ebezisina zidedelana, zishumayela lona ivangeli lokuziphatha kahle.
Kulezi zikhulumi kubalwa osomabhizinisi, osomahlaya kanye nalabo asebeke bazibonela mathupha impilo yasejele.
Usomabhizinisi, uJabulani Mvuyane ugqugquzele abafana ukuthi bayeke izinto ezingahle zibafake enkingeni.
“Uma ufuna ukuphumelela ungumfana kumele ube inyoni, kodwa futhi ube inyoni ehlakaniphile efana nokhozi undizele phezulu. Okunye hlukanani namantombazane ngoba esikhathini sanamhlanje azifunela imali nje qha. Lokho kungakwenza ube nengcindezi ugcine usungene shi ebugebengwini uzama ukujabulisa owesifazane wakho. Ngingasho ukuthi lokhu kungagcina kuholele ekutheni umfana agcine esebulala intombazane uma isifuna ukumshiya,” kubeka uMvuyane.
USomahlaya ongowesifazane uNonto R, ugqugquzele ukuthi abafana babe nama-vision board, lapho bebhala khona konke abakufisayo empilweni.
“Ngaphambi kokuthi ngenze into ngiqale ngiyibhale kwi-vision board, ngifune nesithombe esihambisana nalokho engikubhalile. Uma ngenza njalo konke kuba impumelelo,” esho.
