
U-HOOSEN UTHI UZOYIQEDA INKINGA Yamanzi ETHEKWINI

UMNUZ Haniff Hoosen ogaqele ezokuba yiMeya yeTheku, njengoba iDemocratic Alliance ifolose ngaye kulesi sikhundla.

UMNUZ Haniff Hoosen obenengxoxo ekhethekile kwi-The Couch no-Ayanda Phoswa. IZITHOMBE: UMUSA MEDIA
AKHONA DLAMINI
OGAQALE esobumeya kuMasipala weTheku uMnuz Haniff Hoosen,
njengoba iqembu leDemocratic Alliance (DA) ifolose ngaye,
uthe uma esengene kulesi sikhundla, uzokubeka eqhulwini yokuxazulula inkinga yamanzi, eThekwini.
UHoosen usho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile kwi-The Couch, ebishayelwa u-Ayanda Phoswa, emahhovisi oMusa Media, nathe izakhamizi eziningi zaseThekwini zisahlala isikhathi eside zingenawo amanzi.
Uthe uma eseqhoqhobele isikhundla sobumeya, uzoqinisekise ukuthi wonke umuntu uyawathola amanzi, okubalwa nabantu abahlala ezindaweni ezinganakiwe.
“Sekuphele iminyaka engama-20 leli lizwe langena enkululekweni, kodwa kusakhona imiphakathi ethwele kanzima ngenxa yamanzi. Sengihambele imiphakathi eminingi kakhulu ekhala ngenkinga eyodwa. Uyacabanga ukuthi kusakhona imiphakathi ethembele emanzini emvula, akuyona impilo eyathenjiswa abantu leyo. Enye inkinga enkulu amapayipi avuzayo ahlasele cishe iTheku lonke. Ingxenye yamanzi engamaphesenti angama-65% iyalahleka, uma kungalungiswa lamapayipi angingabazi nakancane ukuthi inkinga yamanzi inganqandeka,” esho.
Uqhube wathi uhulumeni usebenzisa imali ezintweni ezingenaso isidingo, ibe inkinga yamanzi idlangile.
“Kumanje uhulumeni usebenzisa imali ekuthengeni izimoto zakanokusho, kodwa kukhona izindawo ezifaka izikhalazo minyaka yonke yokungabi nawo amanzi. Ngiyethembisa ukuthi mangingathola ithuba lokuhlala kulesi sihlalo, inkinga yokuqala engiyoyilungisa amanzi, ngoba ayimpilo futhi abantu banelungelo lokuwathola,” kuqhuba uHoosen.
