Izindaba

KUKHALWA NGOKUBA UJOSAKA KU-KAMDOMBA

AKHONA DLAMINI

KUKHALWA ngokuphuma eceleni njengojosaka kukaNdlunkulu uNomzamo Myeni, kulandela ukungalubhadi eMkhosini weLembe, obuseKing Zwelithini Stadium, eMlazi namuhla ngoLwesine.
Okuqaphelekile ukungalubhadi kuMkhosini woMhlanga ngosuku lwesibili, ukugqoka into ehlukile yedwa nokuthi angabonwa nangalukhalo eMkhosini weLembe.
Abanye basole ukuthi

ukungabonakali kukaMdolomba emcimbini, kungenzeka ukuthi kuhlobane nesigameko esenzeka eMkhosini woMhlanga, lapho iSilo uMisuzulu kaZwelithini senza ihlaya ngodaba lwesi-Stella okwabonakala lingehli kahle kuMdolomba.

Kuzokhumbuleka ukuthi udaba lweStella olwaputshuka ezinkundleni zokuxhumana, lapho iSilo sikhuluma amagama alumelayo kuNdlunkulu uKaMyeni.