Uncategorised

OWASENDLUNKULU UCHITHA EYOKUTHENGELA ISILO ABESIFAZANE

UPHIKA eyokuhlinzela iSilo uMisuzulu kaZwelithini ezibini, ngikumlethela abesifazane, uMntwana
u-Africa Zulu, oyiPhini likaShansela waseNdlunkulu, ngenhloso engenhle.

Lokhu kuza ngemuva kokusabalala kwesitatimende esibhalwe uNksz Lelethu Mpondo, ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesihlanu mhla zingama- 25 kuMandulo.
UMntwana u-Africa kuthiwa uyena owafika noLelethu Mpondo.

UMntwana Africa ube sekhipha isitatimende ethi akakaze “athengela” iSilo owesifazane futhi la macala alimaza isithunzi sakhe, eseSilo neNdlunkulu.

UMntwana uthe wahlangana noLelethu Mpondo eminyakeni eyedlule eSandton, lapho azethula khona njengomuntu ohlobene nobukhosi bakwaNdamase. Uthi kamuva wathola ukuthi lolu lwazi lwalungelona iqiniso, kodwa ngesikhathi enza isethulo kwiSilo wayekholelwa kulokho ayekutsheliwe.

Ukuvumile ukuthi wamsiza ukuthi ahlangane neSilo endaweni yomphakathi, nokuthi akukho okunye ayekwenza mayelana nokuthi athengele iSilo abesifazane.

“Akukho ukuxhumanisa kobudlelwano engabenza phakathi kwaLelethu neNgonyama noma ukumuthenga, ngagcina ngokumethula kwiNgonyama kuphela”, kusho uMntwana Africa.