
UBE NESASASA OWE-FROM PRISON TO PALACE COMEDY

ABAHLABENE kumqhudelwano weFrom Prison To Palace Comedy Search 2026. Esithombeni uHallo M ophume isibili, uMr Wow odle umhlanganiso noSisa Nkasa olale isithathu.

USOMAHLAYA osezakhele igama endimeni uSimthande “MakaThah” Myeza, obephethe uhlelo.
ISITHOMBE: UMUSA MEDIA
AKHONA DLAMINI
BASALE befuna impinda abebethamele umcimbi wosomahlaya obizwa ngePrison to Palace Comedy Search 2026, obuhlelwe uSthembiso “Pro” Ndlovu eBat Centre, ngoLwesihlanu mhla zingama-25 kuMandulo.
UMr Wow obashaye emakhanda, okhale wemuka nesamba sikaR7500, ubonge UPro Ndlovu ngokuqhamuka nombono omuhle kangaka.
“Amaphupho nezifiso sinazo, kodwa UPro wenze amaphupho ami akhanya, wawanika impilo,” kusho UMr Wow.
Lo mcimbi bewuhlanganise izinkakha zosomahlaya okubalwa kuzo uSimthande Myeza, Tsoro, Justice Kubheka, Ngane Ngane nabanye abaningi. Emcimbini ofanayo kuqalwe ngomqhudelwano wosomahlaya abasafufusa abebesina bededelana bebanga isamba sezi-R15 000, 00.
USimthande Myeza obengomunye wamajaji esigabeni somncintiswano, unxuse osomahlaya ukuthi bagweme inhlamba uma benza amahla abo.
“Kusijabulisile nokho ukubona ithalente elisha, lapha eThekwini noma KwaZulu-Natal. Engifisa ukukusho kosomahlaya abasakhula ukuthi abagweme inhlamba noma amagama alumelayo emsebenzini yabo. Lokho ngikusho ngoba kungenzeka kube nabantu abafuna ukusebenzisana nawe kodwa ngenxa yenhlamba bangagcina sebekuyeka,” esho.
