Izindaba

KUZWAKELE UKUKHALA KWABAKULELI NGOKUNIKWA KWABOKUFIKA IZIMVUME

AMALUNGA eMarch and March nabahlali bakuleli ngesikhathi bevale thaqa ukusebenza eThekwini

.

ISITATIMENDE esikhishwe uMnyango wezaseKhaya ngokushesha.ISITHOMBE: DEPARTMENT of Home Affairs

OWAMI THABETHE

SEKUHOXISIWE umyalelo wokuthi kwamukelwe zonke izicelo zabokufika abafuna ukukhoseliswa kuleli, okubalwa nalabo abangene eNingizimu Afrika ngokungekho emthethweni.Lokhu kuvezwe uMnyango wezaseKhaya okhiphe isitatimende namuhla ekuseni mhla ziyi-9 kuMfumfu, ngemuva kwengcindezi efakwe iMarch and March nezinye izinhlangano ebezimasha kusukela kumenyezelwe lo mthetho.

Lo myalezo wakhishwa nguMphathi-Jikelele obambile uMnuz Thulani Mavuso, mhla zingama-28 kuMandulo, kulandela isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esasibaphoqa ukuba bamukele abokufika.Lokhu kususe uthuli lwezicwe eNingizimu Afrika yonkana, izakhamizi zivuke umbhejazane, banikela kulezi zikhungo ezindaweni ezahlukene ngenhloso yokumisa ukubhaliswa kwabokufika.Ngenxa yengcindezi yomphakathi nezinsongo zokuvala lezikhungo, umnyango unqume ukuhoxisa ukubhalisa ukuze kubuyekezwe indlela ekungaphathwa ngayo isinqumo senkantolo.

“Sizobheka indlela entsha okungenziwa ngayo ngaphandle kokuphambana nesinqumo senkantolo yoMthethosisekelo”, kusho isitatimende.Ezinye zezakhamizi zaKwaZulu-Natal, zinikele kwaHome Affairs okuMoore Road, eThekwini, okuyiwo onika izimvumo abokufika zokuba kuleli, okuyilapho kusuke khona uthuthuva, abakuleli kwabasengathi bathelwe ngezibonkolo, bashisa amabhilidi, izimoto nezitolo zabokufika.