Izindaba

UNSIBANDE UTHE BASINDA KUNZIMA BEBULAWA

NGESIKHATHI kuqhubeka icala enkantolo. ISITHOMBE: AYANDA PHOSWA

AKHONA DLAMINI

UVEZE okusha okwenzeka ngemuva kokuboshwa kwabo uWandile Nsibande, nathe ngesikhathi eboshwa namanye amalungu eMarch and March, bathathwa bayiswa ehlathini ngenhloso yokubulawa.UNsibande ukuveze lokhu, ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili nozakwabo uSphelele “MaGolide “ Shinga noMalizo Dzanibe, eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla mhlaziyi-12 kuMfumfu.

Uveze amanxeba athe wawathola ngesikhathi edutshulwa kabili.“Mina angiboshwanga ngazingenela mina evenini ngenhloso yokweseka uzakwethu. Ngalobo busuku esaboshwa ngabo, sathathwa sayiswa ehlathini ngase Botanic, ngoba befuna ukusibulala. Kumanje angazi ngifunani lapha enkantolo ngoba angizange ngiboshwe ngazingenela evenini,” kubeka uNsibande.