Izindaba

BATAPISWE IQANDA LENJELWANE ABASEMZANSI NGELABOKUFIKA

UNGQONGQOSHE wezoBulungiswa, uNksz Mmamoloko Kubayi ohola ikomiti elikhethekile lezokufuduka.ISITHOMBE: FACEBOOK

OWAMI THABETHE

ZITAPISWE IQANDA lenjelwane izakhamuzi zaseNingizimu Afrika, ngokuhoxiswa komyalelo wokubhaliswa njengababhacile kwabokufika abakuleli abakuleli ngokungemthetho, kulandela ukuthi uMnyango wezaseKhaya uqhamuke namaqhinga amasha okubhalisela loluhlelo.

Umnyango uqhamuke neqhinga elisha lokubhalisa abantu abafuna ukukhoseliswa kuleli ababizwa ngama ‘Asylum seekers’ , ngokuthi izicelo zabo zifakwe ngobuchwepheshe be-inthanethi kusukela mhla zingama- 10 kuMfumfu 2026.

Lesi sinqumo siza ngemuva kwezibhelu eThekwini naseSoweto, lapho abantu bakuleli bebhikishela khona ukuvulwa kabusha kohlelo lokwamukela izicelo zokukhoseliswa, kulandela isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esiphoqe uMnyango ukuthi uqhubeke nokwamukela izicelo.

UNgqongqoshe wezoBulungiswa, uNksz Mmamoloko Kubayi, ohola ikomiti elikhethekile elibhekelele izindaba zokufuduka kwabantu, umemezele ukuthi kusukela mhla ziyi-10 kuMfumfu, abafuna ukukhoseliswa kuleli bazokwazi ukufaka izicelo zabo nge-inthanethi.

“Ngenxa yesibalo sabantu abafuna ukufaka izicelo, sinqume ukungasiphikisi isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo, kodwa saqhamuka nendlela entsha yokwenza lolu hlelo ngendlela enokuthula,” kusho uKubayi.Esitatimendeni esakhishwa unyango mhla ziyi-9 kuMfumfu, sacacisa ukuthi kusacutshungulwa ezinye izindlela ezizokwenza lolu hlelo lube lula futhi luqhubeke kahle.

Ugcizelela ukuthi ukufunwa kwezindlela ezintsha zokubhalisa, akusho ukuthi uhlelo lokwamukela izicelo zokukhoseliswa selumisiwe noma seluqediwe, kodwa luzoqhubeka kusetshenziswa indlela entsha yobuchwepheshe.