Izindaba

KUSALE ENKUNDLENI (3) ABEBEPHANGA IMOTO YEMALI EMLAZI

ISALE kanjena imoto yemali ngesikhathi ibanjwa izigebengu eMlazi.
IZITHOMBE: SAPS

OWAMI THABETHE

BASALE enkundleni basolwa abathathu betholana phezulu namaphoyisa, ngesikhathi bephanga imoto yemali kuSouth Coast Road, eMlazi, ngoLwesithathu ntambama mhla zingama- 14 kuMfumfu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshuinda, usiqinisekisile lesi sigameko, sokusala enkundleni kwabasolwa ababili, bedudulana ngezulu lesandla namaphoyisa. UCol Netshuinda uthe abasolwa baqale ngokumisa ngenkani imoto ethutha imali, bakhomba onogada ngezibhamu, babaphuca izibhamu ngaphambi kokuthi bantshontshe imali engadalulwanga.

Amaphoyisa nonogada ngokushesha baphendule ngezulu lezandla bebhekise kubasolwa okusolakala ukuthi bangaphezu kwabayi- 3. Amaphoyisa aqinisekisile ukuthi abasolwa abayi-3 bashonele endaweni yesigameko.

Uveze ukuthi abasolwa abashonile batholakale bephethe izibhamu ezintathu, zohlobo lwe-rifles nezinhlamvu.

“Abasolwa abathathu abashonile bebengahambi bodwa. Abanye abakwazile ukubaleka bashiye imoto yabo, ebangeni elingamakhilomitha ambalwa ukusuka endaweni yesigameko, base beduna enye imoto ukuze baqhubeke nokubalekela amaphoyisa”, kusho uNetshiunda.

Amaphoyisa aseqalise umkhankaso wokuzingela abasolwa ababalekile, kanti kusazokhishwa eminye imininingwane njengoba uphenyo luqhubeka.