
KUSOLWA INHLESE YOKUDICILELA PHANSI UJACINTA NOZUMA
AKHONA DLAMINI
KUSOLWA inhlese yokudicilela phansi uJacinta Ngobese-Zuma no myeni wakhe uXolani Zuma, kulandela ukusabalaliswa kokuthi bazoboshwa ngesonto eledlule. Amaphoyisa aKwaZulu-Natal ayaziphika lezi zinsolo, zokuthi kunencwadi egunyaza ukuboshwa kwabaholi benhlangano ye-March and March kanye neSouth Africa First Forum.
UColonel Robert Netshiunda, uthe azikho izincwadi ezigunyaza ukuboshwa kwalaba ababili, aphinde aveza ukuthi akukho nelilodwa icala elibhalisiwe elibathintayo emarekhodini awo.
“ Nginxusa izishoshovu nabaholi ukuthi baqikelele izinkulumo abazikhiphayo emphakathini, begweme ukusabalalisa izinsolo ezingadala ukwethuka noma zivuse udlame. Uma abantu besola ukuthi kunencwadi egunyaza ukuboshwa kwabo kufanele baxhumane namaphoyisa ngqo ukuze bathole imininingwane eqinisekisiwe,” kusho yena.
