Uncategorised

LIHLEHLELE UNHLANGULANA ELABASOLWA NGOKUBULALA ABAYI-7

ABASOLWA abathathu ebebevele namuhla enkantolo.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli ebingelela amalunga omndeni akwa-Monswamy enkantolo. ZANDILE SHANGE

NOMCEBO NGEMA

LIHLEHLELE umhla zingama-23 kuNhlangulana kulonyaka, icala elibhekene nabasolwa abathathu abasolwa ngokubulala ngesihluku amalunga omndeni ayi-7 akwa-Monswamy, mhla zingama-23 kulenyanga eNewark eMandeni.
Laba basolwa kubalwa oneminyaka engama-21, 26 nengama-28 ubudala, bebevele namuhla eNkantolo kaMantshi KwaDukuza.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ubeyingxenye yabahambele leli cala ukuyozimazisa umndeni enkantolo.
Uthi leli cala kungenzeka lidlulele eNkantolo yeSifunda noma eNkantolo ePhakeme. “Umuntu ukhathazekile ngokuthi abantu abenza isihluku esifana nalesi emphakathini bathola ukumelelwa abameli abakhokhelwa imali yomphakathi, lo mphakathi oyisisulu salezi zenzo. Nginethemba lokuthi amaphoyisa awenze kahle umsebenzi wawo, nokuthi abasolwa bazothola isigwebo esizokuba yisifundo kubona nakwabanye,” kubeka uNdunankulu uNtuli.
Kuthiwa asolwa babathumba babafaka emotweni baya nabo eMelmoth, okuyilapho okusolwa ukuthi bababulalela khona, njengoba ezinye izidumbu zinamanxeba okudutshulwa, ezinye zinawokugwazwa. Amaphoyisa akwazi ukuthola izidumbu zalomndeni ngemuva kokuhlatshwa komkhosi owahlatshwa owesifazane osiza endlini, owathi uma efika ekuseni wafica kugqekeziwe, namalunga alo mndeni engekho. Ngemumva kwamahora angama-24 amaphoyisa abamba labasolwa endaweni yakwaHlomendlini, kanti nemoto eyasetshenziswa ukuthumba lo mndeni itholakele. Umsolwa oyedwa usagcwele amathafa kodwa amaphoyisa asezithendeni zakhe.