Izindaba

AKUSILO IHLAZO UKUKHALA KWENDODA

UNKSZ Thando Mchunu ongumbhali wencwadi ethi ‘Broken Rose’ ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokwethulwa kabusha kwencwadi yakhe.ISITHOMBE: AYANDA PHOSWA

OWAMI THABETHE

UMBHALI wezincwadi, u-Adv Thando Mchunu, uphakamise udaba oluthinte izinhliziyo, ekhuluma ngezinkolelo ezifaka amadoda ingcindezi yokufihla imizwa yawo. Uveze ukuthi udlame olubhekiswe kubantu ngenxa yobulili (GBV) aluthinti abesifazane kuphela, kodwa namadoda ayizisulu zalo.

Lokhu ukuveze ngesikhathi kwethulwa kabusha incwadi yakhe ethi ‘Broken Rose’ eMhlathuze Auditorium, eRichards Bay, mhla ziyi-15 kuMfumfu.UThando uphumele obala wagxeka umkhuba wokutshela abantu besilisa ukuthi “indoda ayikhali”, ethi le nkolelo ingaba yisithiyo esenza amadoda esabe ukukhuluma ngobuhlungu, acele usizo noma aveze imizwa yawo ngenxa yokwesaba ukwahlulelwa umphakathi.

“I-GBV akuyona inkinga ethinta abesifazane kuphela, kodwa namadoda ayathinteka. Izinkolelo esikhule ngazo zokuthi indoda ayikhali yizona ezenza kube nzima emadodeni ukuveza imizwa yawo ngobuhlungu abhekene nabo,” kusho uThando.

Ngomyalezo odluliswa incwadi yakhe, uThando ugqugquzele intsha nomphakathi wonkana ukuthi baphule izinkolelo ezilimazayo, balalele izisulu futhi bakhe indawo ephephile lapho wonke umuntu engakhuluma ngokuhlukunyezwa ngaphandle kokwesaba noma ukuhlulelwa.

“Ukulwa neGBV kudinga ukuthi kungabikho sisulu esishiywa ngaphandle ngenxa yobulili baso. Amadoda nawo ayalimala, ayahlukumezeka futhi ayaludinga usizo”, kusho uThando.