Izindaba

UMANGAZE ABANINGI UMKHWANAZI ENQABA ISIPHO

OWAMI THABETHE

SITHUSE abaningi isenzo sikaKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uGeneral Lt Nhlanhla Mkhwanazi, ngesikhathi enqaba isipho semali yokuphemba imfuyo esiphuma kubantu baseNingizimu Afrika njengendlela yokumbonga.

UMkhwanazi uthe okungcono lemali ebizothenga izinkomo zakhe, ayifakwe esikhwameni sakwaSAPS Education Trust, okuyisikhwama esibhekelela ukukhokhelwa kwezindleko zokufunda kwezingane zamaphoyisa ashonela emsebenzini.

” Amaphoyisa ashiya amakhaya nsuku zonke eyobeka izimpilo zawo engcupheni esebenzela isizwe, engazi noma azobuya yini ekhaya ntambama, okuncane esingakwenza ukuqinisekisa ukuthi uma sebehambile emhlabeni kodwa izingane zabo ziqhubeke nemfundo noma umzali engasekho”, kusho uMkhwanazi.

Abantu abaningi bakushayele izandla lokhu okwenziwe uMkhwanazi, bathi akujwayelekile ukubona umuntu osacabangela abanye abantu kuqala esikhathini samanje. Abanye bancome ubuhlakani bakhe, bathi kungenzeka ukuthi ubone engathi yindlela abamuthenga ngayo, ingakho enqabile.