Izindaba

KUBUNGAZWE ABEZIMO EZIPHUTHUMAYO ENANDA

.

UXHAXHA lwama-Ambulensi amasha athengwe uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal.ISITHOMBE: DOH

OWAMI THABETHE

UPHUME ngobuningi bawo umphakathi waseNanda eMaoti uzofuna usizo lwezempilo, ngesikhathi uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane elethe uhlelo lweSibhedlela Kubantu njengendlela yokugubha uSuku lwabeZimo eziPhuthumayo (EMS) ngoLwesibili mhla zingama-20 kuMfumfu eThekwini.

Lolu suku lugujwa mhla zingama-17 kuMfumfu njengendlela yokubungaza umsebenzi owenziwa abezimo eziphuthumayo ezweni lonke. Abantu bebehlola izifo ezahlukene, behlola amehlo, amagazi amazinyo nezinye izifo ezicashayo.Ekhuluma nomphakathi uNgqongqoshe uthe abezimo eziphuthumayo bawumgogodla womnyango ngakho ke bayadinga nabo ukunakekelwa futhi babungazwe.

“Umsebenzi wabezimo eziphuthumayo usemqoka kakhulu, yibona abafika kuqala endaweni yesehlakalo, baphinde babeke izimpilo zabo engcupheni besindisa ezabanye. Yingakho kumele babe nendawo lapho bethululela khona konke, balulekwe nangokomqondo”, kusho uSimelane.

Kuphinde kwethulwa ngokusemthethweni ama-Ambulensi ayi-38 namabhasi ayi-4 azosebenza esifundazweni sonke, ukuze kunciphe isikhathi esilindwa iziguli uma zifuna usizo lwezempilo.