
UMATLALA UTHI USIBIYA WAYEMSABISA

USHADRACK Sibiya osolwa ngokusabisa uCat Matlala. IZITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
OSOLWA ngokuba ngumholi weqembu lezigelekeqe futhi obhekene noxhaxha lwamacala, uVusimuzi “Cat” Matlala, uthe wayesatshiswa futhi eyalelwa ukuthi angalidaluli lonke iqiniso ngobudlelwano bakhe nalowo owayeyiPhini likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uLieutenant General Shadrack Sibiya.
UMatlala uveze lokhu ngesikhathi ethula ubufakazi kwiKhomishini kaMadlanga ngoMsombuluko mhla ziyi-09 kuLwezi 2025, lapho ethi ummeli wakhe wangaphambilini, uBronwynne Forbay, wayemcindezela ukuthi angadaluli konke akwaziyo ngoSibiya, ngesikhathi evela phambi kwekomidi lePhalamende elaliphenya ngezinsolo zokungaziphathi kahle kwakhe emaphoyiseni.
“UForbay wayengisabisa ngokuthi uSibiya angabulala amalungu omndeni wami wonke, uma ngingadalula lonke iqiniso ngobudlelwano bami naye. Unkosikazi wami uTsakane Matlala, wayethola izingcingo eziphuma enombolweni engaziwa, engisola ukuthi zazivela kuSibiya, emxwayisa ukuthi angakhulumi ngaye,” kusho uMatlala.
Uphinde waveza ukuthi uForbay wayevame ukuxhumana noSibiya, ngesikhathi sekhefu emihlanganweni yekomidi lePhalamende, bese emdlulisela ucingo ukuze amtshele ukuthi kufanele aphendule kanjani imibuzo abuzwa yona.
“USibiya wayengidonsa ngendlebe ukuba ngisuse imiyalezo nezingcingo zethu ukuze kungaziwa ukuthi siyaxhumana,” kuqhuba uMatlala.
USibiya ubengakaphefumuli ngalezi zinsolo ezivezwe uMatlala.
