AKALONA IVUKANE OGCOTSHWELWE ESOBUMEYA E-NKANDLA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UKUNGABI uqhiphukhowe kwalowo ogcotshelwe esobumeya eNkandla, uthi yikhona okuzonkwenza angabi nezinselelo ekuletheni intuthuko kubantu.
UCllr Nonhlanhla Nzuza ogcotshwe ngokusemthethweni ekuqhoqhobaleni isikhundla sokuba yiMeya yaseNkandla, izolo.
UNzuza ufike kulo Mkhandlu ngonyaka ka-2000 eyiKhansela lewadi, waphinda waba ilungu lesigungu esiphezulu kuMasipala, okwenza abe nesipiliyoni seminyaka engama-25, uqhamuka kwiqembu i-IFP.
Uqokwa kwakhe kulandela ukuvuleka kwesikhala ngoDecember ngonyaka, ngesikhathi kudlula emhlabeni owayenguMeya uKhansela Mbhekiseni “Bhejane” Biyela.
UNzuza ubambe izintambo zobuMeya njengoba kade eyiPhini likaMeya kusukela ngonyaka ka-2016 kuya mhlaka-14 April 2025. Isikhundla sePhini likaMeya sivalwe uKhansela Nokuthula Magubane naye ogcotshwe kanye naye(UNzuza).
Ethula inkulumo ngemuva kokuqokwa kwakhe uNzuza, uthe uzizwa ethobekile ngokuthola ithuba lokuhola lo Mkhandlu onabantu abangaphezulu kuka-128 742, kubo okukhona abesifazane abangu-28 609.
“Kube usuku oluyingqophamlando lolu ngizosho kanjalo. Bengingalindele ukuthi ngizothola lesi sikhundla, noma bengike ngagijima wonke amawadi. Kubantu baseNkandla ngiyathembisa ukuthi bazokwazi ukucosha intuthuko abayilindele. UMasipala waseNkandla unamawadi angu-14 okulindeleke ukuthi sifinyelele kuwo wonke,”kusho iMeya uNkk Nzuza.
