Uncategorised

UZOFIHLWA NGOMGQIBELO E-SOWETO ‘ULAQASHA’

INKAKHA yezokulungisa esanda kudlula emhlabeni iDon Mlangeni-Nawa izofihlwa ngoMgqibelo, ngokusho komndeni.
UMlangeni-Nawa, obeneminyaka engu 56, uzakhele ugazi kubathandi bezikaqedisizungu ngesikhathi elingisa emidlalweni eminingi kamabonwakude njengo Sgudi Snaysi, Hlala Kwabafileyo, Isidingo, The Throne.
Umndeni uthe inkonzo yesikhumbuzo izobanjelwa eSoweto Theatre ngoLwesine lapho kulindeleke kugcwale phama ozakwabo endimeni yokulingisa, abangani, izihlobo nezikhulu zikahulumeni. Uzobekwa endlini yokugcina e-Alberton Civic Theatre ngeSonto. Umndeni ucele ukuthi ungaxinwa ngokubuzwa ukuthi ubeguliswa yini uMlangeni-Nawa.
Ube usudlulusa ukubonga ngokwesekwa umphakathi kulesi sikhathi esinzima