Uncategorised

UPITSO UPHAWULA NGOKUMATANISWA NE-PIRATES

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

UPITSO Mosimane useveze ukuthi usengabuya aqeqeshe eNingizimu Afrika inqobo uma kuwumsebenzi azohambisana nawo. Lo mqeqeshi ohlonishwayo e-Afrika ngenxa yokunqoba izicoco ezintathu ze-CAF Champions League namaqembu ahlukene, usemataniswa nomsebenzi wokuhola i-Orlando Pirates njengoba izoshiywa uJose Riveiro ekupheleni kwesizini.
Ekhuluma nabezindaba ngesikhathi ethula isikole iCurro Wilgeheuwel esizosebenzisana nePitso Mosimane Soccer Schools (PMSS), uphawule ngokumataniswa kwakhe nesikhala kwiPirates; “
“Nami sengike ngezwa kuphathwa igama lami ngendaba yePirates kodwa akukho muntu oseke wangithinta. Angeke ngibe nenkinga yokubuya ngiqeqeshe kwi-PSL kodwa angeke ngixhamazele kuzomele lowo ongifunayo sizwane ngakho konke.”
Akukhona okuqala uMosimane emataniswa nomsebenzi njengoba wake wakhonjwa nakwi Kaizer Chiefs kumasizini amabili adlule. UMosimane ugcine ukubonakala kuleli kumasizini amahlanu adlule njengoba ashiya iMamelodi Sundowns wayohola i-Al Ahly yase-Egypt. Uyinqobele izicoco ezimbili ze-Caf Champions League, eseLigi neSuper Cup ngaphambi ayosebenza e-Saudi Arabia, United Emirates nase-Iran.
Mayelana nodaba lomholo awukweletwa i-Esteghlal FC yase-Iran anqume ukuyishiya maphakathi nesizini, uthe konke kuzolunga.
“Abaphathi bami baludlulisa udaba lokungaholelwa kwami, ezinhlakeni ekumanje ziyalusebenza udaba. Anginakho ukuzikhathaza ngalolo daba ngoba ngiyazi konke kuzoqonda.”