Uncategorised

INYELE EZANDLENI KWETHULWA OWE-STANDARD BANK U-19 CUP

UMBIKO: ANELE ZUMA

INYELE ezandleni kubadlali bebhola laseThekwini, njengoba ikusasa lebhola libonakala liqhakaza kubadlali.
Lokhu kuhlale obala ngesikhathi kwethulwa, ngokusemthethweni i-Standard Bank eThekwini Under-19 Cup, eKingsmead.
Lo mqhudelwano wentsha ohlanganisa amaqembu ezikole zamabanga aphezulu, aqhamuka eThekwini, unconywe kakhulu ngokuthi uklama indima enkulu ekuthuthukiseni ibhola emazingeni aphansi.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, uzwakalise ukujabula nokweseka ngokugcwele lolu hlelo.
“Lokhu kubambisana phakathi kwe-Standard Bank ne-SAFA eThekwini kuyamangaza ngempela. Silweseka ngokugcwele lolu hlelo. Silubheke ngabomvu ukulubona lukhula,” kusho uNgqongqoshe Khawula.
UKhawula uphinde washayela ihlombe uDkt Jordaan neSafa ngokuqhubeka nokuzinikela ekuthuthukiseni ibhola kuwo wonke amazinga.
“Lo mqhudelwano unamandla okuvumbulula isizukulwane esilandelayo sezihlabani zebhola zaseNingizimu Afrika. Akukhona ukugqamisa imidlalo kuphela, kodwa kuwukusiza intsha ibone iphinde izakhele ikusasa,” esho.
I-Standard Bank eThekwini U-19 Cup kulindeleke ukuthi ibe yisisekelo semidlalo yentsha KwaZulu-Natal.

IZITHOMBE: SPHA MBHELE