INTSHA IFUQWE NGOLWAZI KWI-HACKTHON JCI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
IBIGCAGCELE esokeni entsheni ngomcimbi obubizwa ngeHeckthon JCI, wokucobela intsha ngolwazi nokuqhamuka namaqhinga amasha kwezobuchwepheshe, obusesikhungweni DUT, eRitson Campus.
Lo mcimbi bokungowandulela umcimbi 2025 JCl Africa & Middle East Conference I-JCI, ezovulwa namuhla e-ICC, eThekwini.
UMengameli weJCI Durban uMnuz Siphiwe ‘ SK’ Khuzwayo uthi lolu hlelo lube nesasasa elikhulu, intsha ebikhona ibheme yakholwa ngezobuchwepheshe.
“Intsha iphume isuthi ulwazi olubalulekile okuyilo eliwumhlahlandlela wempilo yamanje. Zonke izinto zincike kwezobuchwepheshe, uma kuyithina intsha ezithela ngabandayo ukuqhamuka nezinto ezizocija abaholi, ukuthi bakwazi ukuhola abantu ngesimo esihambisana nesikhathi esikuso, kobe yithina esizihlulekile,’ esho.
Uthi kubajabulisile ukubona intsha iphuma ngobuningi futhi izimisela iqhamuka namaqhinga amasha.


