Uncategorised

KUHLOMULE INTSHA KUVULWA EZEMIDLALO KWANYAVU


UMBIKO: ZETHU PHOSWA

ISUKILE entsheni yaKwaNyavu, eMkhambathini kulandela ukwakhiwa kwenkundla yezemindlalo iBanqobile Sportfield, nokuhlonishwa kwayo ngezindondo.
Le nkundla evulwe ngesitayela uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula, ohola uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, bekubaculi okubalwa icathamiya, ingoma nezinkondlo, waseklomelisa abadlali abawinile ngezindondo nezinsiza zebhola.
UNgqongqoshe Khawula ngaphambi kokunikezela ngokusemthethweni inkundla yezeMidlalo, uqale ngokunika ithuba amaqembu ebhola akule ndawo ithuba lokuziveza.
Ube esencoma umsebenzi omuhle owenziwe, wathi unethemba lokuthi izingwazi ezikhulele lapha zizoletha imidlalo khona, ziphinde zilekele intsha ngokuyicathulisa.
“Le ndawo yakhiwe ngendlela enika isithunzi lo mphakathi. Sifisa ukubona intsha ifika esicongweni sempumelelo ngezemidlalo,” esho.

IMeya yaseMkhambathini uMnuz Nhlakanipho Ntombela uncome umsebenzi omuhle wokwakhiwa kwale nkundla, wanxusa umphakathi ukuthi uyinakekele indawo “Ngokomkhandlu isportsfield sokuqala esiwuloluhlobo. Nakuba sisemakhaya ungasibeka noma kuyiphi indawo sibonakale singesezinga eliphezulu. Kungikhulule kakhulu ukuphela kwale-project nomphakathi uyithokozele kakhulu,” Kusho uMeya Cllr Ntombela.
INkosi Skhosiphi Mdluli uthe kusho kukhulu ukuba khona kweBanqobile Sportsfield.
“Kule ndawo sesikhiqize abadlali abanegama okubalwa uThamsanqa Mkhize oke wadlalela iBafana Bafana, uBonginkosi Ntuli odlalele Amazulu, uSiyabonga Mdluli obedlalela iFree State oke wadlala kulelibala ngaphambi kokuba kube inkundla enje. Silindele abadlali abaningi abazokhiqizwa yile nkundla,” kubeka iNkosi Mdluli.