Uncategorised

OWENKOSAZANE YEZULU NESASASA KOMAMA NAMATSHITSHI

UMBIKO : ZETHU PHOSWA

INKOSAZANE uNomkhubulwane, yinkosazana eyagcina ubungcwele bayo, engazange yahlangana nomuntu wesilisa, yingakho uma kuxakile kufanele kukhulekwe kuyo, kucelwe izimvula uma kunesomiso, noma izimvula seziza mawala kuyashwelezwa kuye.
Lokhu kuholele ekutheni isizwe saKwaSokhulu eMfolozi ngokubambisana nenflunkulu kaZulu benze Umkhosi kaNomkhubulwane, ukuyolima insimu kaNomkhubulwane, okuyinsimu engavunwa futhi engadliwa abantu kodwa edliwa izinyoni zezulu.
Lo mkhosi oxhaswe uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, ngaphansi kukaNgqongqoshe uMnuz uMntomuhle Khawula ngobambisana nobukhosi bakwaSokhulu nezinye ozinhlaka zikahulumeni.
‘Siyaweseka lo umcimbi ngenhloso yokugqugquzela amaSiko ukuze angashabalali. Ukushabalala kwezinto eziwumgogodla emasisweni kusho Ukushabalala kwesizwe. UMnyango uyazibophezela ekulekeleleni nasekukhuliseni izinto ezingamafagugu namaSiko, “ kusho uNkk Nobuhle Makhanya Mashaba oyinhloko ehhovisi likaNgqongqoshe.

Inkosi yakwaSokhulu iphume nebutho layo baphelezela omama abebeyolima, okuwumkhuleko ukuthi uNomkhubulwane asize ehlise inala kusosonke isizwe hhayi nje kwaSokhulu kuphela.

Ngokutshala le nsimu kuwuphawu lokukhuleka kwiNkosazane yeZulu uNomkhubulwane, entshalwa ngamatshintshi nezalukazi ezingasayi endaweni.

IZITHOMBE: NONTSIKELELO MHLONGO
.