UMKHANKASO WE-ANC I-ASIYE EKHAYA UWABHINCISELE NGANGXANYE AMAQEMBU

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
I-ASIYE EKHAYA okungumumacekeceke womkhankaso WE-ANC wokuvula izandla ukuthi wonke umuntu wamukele kule kulenhlangano eyaziwa njengekhaya labo bonke, ubonakala uzowabhingcisela nganxanye amanye amaqembu.
Lokhu kufakazelwe ukuthi izolo ngesikhathi oyilunga likaKhongolose ophinde abe esigungwini sikazwelonke (NEC) uMnuz Senzo Mchunu ethula lomkhankaso, lapho ebuye wamukela amalunga a amasha ajoyine I-ANC, eWembezi eScort.
UMnuz Mchunu kulo umcimbi ukhumbuze abantu ngezimiso ze-ANC.
Uphinde wabhoboka okokuqala ngokushaqeka abanakho ngaloyo owayenguMengameli wale nhlangano uMnuz Jacob Zuma ngesikhathi ebashiya.
“okubuhlungu ukuthi wahamba nokungamagugu ka-ANC okubalwa ngisho imbala ye-ANC, “ kubeka uMchunu.
UMchunu uthi inhloso yalo umkhankaso ukubuyisa abantu abaphambukela kwamanye amaqembu, nokubavezela ukuthi I-ANC iseyikhaya labo.
