Uncategorised

KUFEZEKE IPHUPHO LWEMINYAKA KU-MCAMBI

ZETHU PHOSWA

INJABULO ibibhalwe ebusweni kumbhali wezincwadi ezidlalwa kuKhozi FM, ngesikhathi ebona umcimbi obuyiphupho kusukela ngonyaka ka-2016 ufezeka.
UMntomuhle Mcambi we-Iziko Art Company okuyiyo ehlele umcimbi Iziko Art International Book Fair Festival, ekhombise isasasa elikhulu yethulwa ngegiya eliphezulu lwesidlo sase busuku, ewotela eliphambili eligudle ulwandle, izolo ebusuku.
“Leli phupho selokhu laqala ukuphila ngonyaka we-2016, ngifisa ukuhlanganisa ababhali bonke sibe wumbimbi silekelelane, “ kubeka uMcambi.
Uthi impi eyokulondoloza kolwimi e-Afrika izoliwa ngokuhloma ngezikhali zepeni ngokubhala nokushicilela kwezincwadi
“Inhloso yalo mcimbi ukuthi sifuqe izincwadi zolimi lwethu ukuze siyilwe ngepeni eyokulondoloza izilimi zase-Afrika. Isizwe esingenalo ulwimi lwebele lufana nesizwe esingekho,” kusho Mcambi.
Uthi impi eyokulondoloza kolwimi izophinde ihlomise intsha enothando lokubhala, ngolwazi njengoba kuzohanjelwa izindawo zamakhosi, ukuyohlumulisa ababhali abasafufusa ngolwazi nokugqugquze isiko lokufunda
“Izindawo ezizoklezisa ababhali abasafufusa kubalwa indawo engaphansi kweNkosi yaseMaqadini namuhla, kusasa amabombo azo eMpumalanga Hammarsdale bese sigcine eMathulini esizweni saKwaLuthuli eMgababa. Sigqugquzela isiko lokufunda ngokubhala nokuqinisa amaxhamu kuthina ababhali,” esho.
Ube esezwakalisa ukuphoxeka ngokunqatshela imashi yokuthula ehambisana ne-UNESCO, ngenxa yokunqaba kwamaphoyisa athi isikhathi sincane.