IMIBUZO KUSHONA IWELE EKHESHINI

AMAWELE akwaDlamini u-Aphelele (ongumfana) ubebekwa endlini yakhe yokugcina izolo kanye no-Aphile osesibhedlela kwigumbi labagula kakhulu. ISITHOMBE: Facebook.
NOMCEBO NGEMA
KUBE nomunyu kufihlwa iwele u-Aphilele Dlamini abawela emgodini wekheshi (lift) eHomii Lifestyle Apartments besuka e4th floor baze bayoshayeka phansi, kwathi iwele u-Aphile lalimala kanzima, lisesibhedlela.
Lesi sigameko sishiye uyise Waka mawele uMnuz Khaya Dlamini enemibuzo eminingi nentukuthelo, ayibhekise kubanikazi bebhilidi.
“ngifuna ubulungiswa amawele ami aneminyaka eyi-8 ubudala, abe sengozini awa kwikheshi kanti kunewa esuka e-4th floor aze ayoshayeka phansi. Iminyango yekheshi ibinenkinga kodwa kungekho zixwayiso zokuphepha ezicela abantu ukuthi baqaphele. U-Aphelele ushonele esibhedlela sifika. U-Aphile usesimeni esibucayi ngenxa yokulimala kabi ekhanda, waphuka umgogodla kanti wophele ngaphakathi,” kuchaza uMnuz Dlamini.
Uthi into emcika kakhulu ukuthi abanikazi bebhilidi abakaze bafike ngisho ukuzoveza amehlo kodwa sebengifuqa ngegilisa.
“Abaphathi besakhiwo abanendaba nokusehlele njengoba bengakaze befike ukuzohlanganisa amehlo kanye nathi, ngaze ngazihambela mina ngayofuna umfanekiso konogada (footage) ukuze ngibone okwenzekile kodwa banqaba nawo,” kuqhuba uMnu Dlamini.
Abaphathi besakhiwo bakhipha isitatimende esidlulisa amazwi enduduzo emndenini, bathumela igilosa kanye nonodoli kodwa umndeni wakwaDlamini awangakwemukela.
