UKHIPHE INONI ELISHA U-ZANDIE KHUMALO

UZANDILE Khumalo okhiphe INONI elisha lomculo. ISITHOMBE SITHUNYELWE
AKHONA DLAMINI
UMCULI osemnkantshubomvu endimeni nowadayisa amaplathinami aphindwe kabili,uZandie Khumalo utheleke kwezwakala ngenkathi ethula i-EP yakhe entsha ebizwa ngokuthi “Ebantwini”, ezotholakala kuzo zonke izinkundla zokusakaza umculo.
Le EP ayihlanganise nomnyeni wakhe uMhlo Gumede iqukethe izingoma eziyisithupha , iphinde ibonise ukukhula kukaZandie hhayi kuphela njengomculi onamandla kodwa futhi njengomdidiyeli womculo.
Uthi “Ebantwini” iyinhlanganisela yesigqi se-Afro-Soul , nomculo wokholo iGospel, nezingoma zokudansa, kanti lokhu kukhombisa ukuzimela kukaZandie nokungafuni ukwenza uhlobo olulodwa lomculo.
“Ngiyingcweti kwezomculo, futhi angikwazi ukugxila kuhlobo olulodwa lo mculo. Njengengcweti kwengikwenzayo, ngilandela inhliziyo yami kukho konke” kusho uZandie.
UZandie ube esebenza uluthi le-EP iwumsebenzi ovela enhliziyweni, igqugquzelwe uhambo lwakhe empilweni, kwezothando, nasebunzimeni.
Izingoma ezivelele zifaka phakathi ingoma ethi “Emhlabeni” lapho ebehlonipha khona uNkulunkulu nendima eklanywe umndeni wakhe, kube khona ne “Hlakanipha”, ingoma abehuba kuyo kakhulu.
