KUDALEKE AMATHUBA EMISEBENZI E-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli encoma izibalo zakamumva zamathuba omsebenzi. ISITHOMBE: OTP
NOMCEBO NGEMA
ZIKHUPHUKILE izibalo zakamuva zabantu abasebenzayo, ezikhomba ukuthi sekudaleke amathuba omsebenzi angu- 54 000, phakathi kwekota yesibili neyesithathu kulonyaka, njengoba abakwaStats SA noQuarterly Labour Force Survey, bekhiphe izibalo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ukushayele ihlombe lokhu, wase encoma uhulumeni wobumbano ngokubambisana okuhle.
“Uhulumeni wobumbano wasungulwa ngenhloso yokubeka abantu phambili, nokwenza isiqiniseko sokuthi wakha amathuba emisebenzi KwaZulu-Natal. Le miphumela iyinkomba yokuthi uma sisebenza ngokubambisana singaletha ushintsho olukhulu siphinde sibuyise nokuziqhenya kumnotho wethu,” kuphetha uNdunankulu uMnuz Ntuli.
UNdunankulu ube eseqinisekisa ukuthi ubuholi baKwaZulu-Natal buzoqhubeka bugxile ekwakheni amathuba emisebenzi, ukuthuthukisa amakhono nokukhulisa umnotho ngokunxenxa abatshali zimali, ukuthi batshale kwizingqalasizinda nasekuthuthukiseni umphakathi,” kusho uNdunankulu.
