Uncategorised

KUZOPHAZAMISEKA UKUPHAKELWA KWAMANZI ETHEKWINI

IZAKHAMUZI ziyanxuswa ukuthi zigcine amanzi ngaphambi kokuphazamiseka kokuhlinzekwa kwawo okuhleliwe. ISTHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY

LINDELWA MAGWAZA

IZAKHAMUZI namabhizinisi asezingxenyeni eziningi zeTheku, kulindeleke ukuthi zibhekane nengwadla yokuphazamiseka kokuhlinzekwa kwamanzi amahora angu-24 kusukela kusasa, mhla zingama-24 kuNtulikazi, kuze kube uMgqibelo ekuseni. Lokhu kungenxa yomsebenzi wokulungisa ingqalasizinda ebalulekile yokuhlinzekwa kwamanzi ezokwenziwa eDurban Heights Water Treatment Works.

Lo msebenzi uyingxenye yemizamo yokuthuthukisa nokuvikela uhlelo lokuhlinzekwa kwamanzi, ukuze luqhubeke nokusebenza ngendlela ethembekile. Kuphazamiseke ezindaweni eziningi eziphakelwa ile ndawo.Ezinye zezindawo ezizothinteka zihlanganisa iPhoenix, KwaMashu, Ntuzuma, Inanda, uMhlanga, Durban North, Chatsworth, Umlazi, Queensburgh, Pinetown, Westville, Clermont nezinye izindawo eziseduze.

Iziphathimandla zinxuse izakhamuzi ukuthi zigcine amanzi anele ngaphambi kokuba kuqale ukuphazamiseka futhi ziwasebenzise ngokonga ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi. Ukuhlinzekwa kwamanzi kubuyele esimeni esijwayelekile uma umsebenzi wokulungisa usuphothuliwe.