Uncategorised

SIBHEKWE NGABOMVU ISINQUMO SENKANTOLO NGOLWE-PHALA PHALA

UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ongumnikazi wePhala Phala Game Farm eLimpopo. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

SIBHEKWE ngabomvu isinqumo senkantolo yoMthethosisekelo, okulindeleke ukuthi isikhiphe ngoLwesihlanu mhla ziyi-08 kuNhlaba ngodaba lwePhala Phala.

Lolu daba lwePhala Phala okuyindawo kaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, lwaqubuka ngoNhlolanja ngonyaka ka-2020 ngesikhathi kugqekezwa kwantshontshwa imali yakwelinye izwe engu-$580,000 eyayifihlwe kusofa.
Le mali kuthiwa yayiyinkokhelo yokuthengwa kwezinyathi.

Isinqumo senkantolo esilindeleke ngoLwesihlanu, ukuthi icacise ukuthi iPhalamende lenza kahle yini, njengoba lavota ukuze uphenyo lungaqhubeki
noma lephule umthetho.