KUTUSWA UNTULI NGOKUZIYELA MATHUPHA EMPHAKATHINI

IMEYA yoMkhandlu waseHarry Gwala uCllr Zamokwakhe Nxumalo, uncoma uNdunankulu ngokuzisukumela mathupha aye emphakathini.
NOMCEBO NGEMA
IMEYA yoMkhandlu waseHarry Gwala uCllr Zamokwakhe Nxumalo, ushayela ihlombe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli ngokuzisukumela mathupha eze kulo mkhandlu, ngenhloso yokubheka amaprojekthi ukuthi asehambe afikaphi kuphi.
IMeya ikhulume kanjena ngoLwesithathu ngesikhathi kuqhubeka i-Operation Sukuma Sakhe (OSS), okuwuhlelo lukahulumeni lokuziyela ngqo emphakathini eyolalela izingqinamba umphakathi onazo, obuseMorningside Stadium eXobho.
IMeya Nxumalo uthi kumjabulusile ukufika kukaNdunankulu noNgqongqoshe beminyango ehlukahlukene esifundazweni, bezohlola amaprojekthi komasipala abahlukene abakhele lo mkhandlu, ukulalela izingqinamba umphakathi onazo, nokubhunga ngezinto eziyinqubekela phambili. “Luhle kakhulu lolu hlelo lwe-OSS, ngoba lusiza nathi ohulumeni basekhaya, esisuke sinezinkinga khona sikwazi ukuzibika kuhulumeni wesifundazwe, ukuze bezidlulisela kuhulumeni kazwelonke. Umphakathi uhlomule kakhulu ngokuza kwalolu hlelo kulomkhandlu, ikakhulukazi kumkhakha wezokuvakasha ngoba izisebenzi eziningi zilale lapha, nathi omasipala sithola izincomo ezinhle, kuphinde kusize ukubona ukuthi umphakathi ufundiseke kangakanani ngezentuthuko,” kusho iMeya uNxumalo.
Uqhube wathi umphakathi uphinde wathola ithuba eliyingqayizivele lokubonga, laphinde lacela kuhulumeni
