UPHAKAMISELE PHEZULU IFULEGI LASEMZANSI OWESIFAZANE E-TURKEY

UGLENROSE Xaba othathe indawo yesithathu emjahweni i-Istanbul Half Marathon. ISTHOMBE:GOOGLE
PHUMELELE DLAMINI
UYIMELE kahle iNingizimu Afrika uGlenrose Xaba ongumsubathi wesifazane wakuleli, njengoba elale indawo yesithathu kumjaho webanga elide i-Istanbul Half Marathon, obubanjelwe ezweni laseTurkey. Lo mjaho udume kakhulu umhlaba wonke wenzeka njalo ngonyaka, uhlanganisa abagijimi bamazwe ahlukahlukene ukuba bazoqhudelana kucace ukuthi ubani ingqwele yomsubathi.
Kulonyaka uXaba unqobe indondo yethusi ngesikhathi esihle kakhulu sika-1:07:03, okumenza wabe owesifazane wesibili eNingizimu Afrika ukugijima ngokushesha okungaka kuleli banga lika-21.1 km. Imibiko iveza ukuthi isikhathi esiningi uXaba ubekwithimba elihamba phambili kwaze kwaba sekugcineni lapho kunqobe khona uPurity Gitonga waseKenya, walandelwa uFtaw Zeray wase-Ethopia.
Imiphumela kaXaba ibe ingqophamlando njengoba isondele kakhulu kweya-Elena Meyer engu-1:06:44 osekuneminyaka ingadlulwa muntu. Loku kunqoba kukaXaba kubuyisa ithemba elikhulu kwindima yezemidlalo, ikakhulukazi kweyezokusubatha, ukuthi iNingizimu Afrika isangabuya nesicoco emiqhudelwaneni yomhlaba.
