INJABULO USOMAHLAYA OPHUME EJELE NENCWADI EQOKWA KUMA-AWARD.

UPro Ndlovu ongumbhali.
NOMCEBO NGEMA
ABANYE ijele balithatha njengendawo yokuphela kwempilo, kodwa akubanga njalo kusomahlaya ophinde abe ngumphathi wemicimbi uMnuz Sthembiso Pro Ndlovu. UPro ulibone njengendawo yokuqala phansi impilo wabhala incwadi edlulisa ubuhlungu bakhe, ngemva kokuboshelwa icala lokubulala angalenzanga.
Le nsizwa eyayigwetshwe iminyaka eyi-18 nodadewabo, bagcine bephuma ngemuva kokuhlala iminyaka eyisi-7, kulandela ukuthi inkantolo ithe iyalibona ‘iphutha’ layo badedelwa.
Uma echaza uPro uthi ube esekuthatha lokho wakubhala phansi wakhipha incwadi, egqugquzelayo nenika izifundo azifunde ngezimo abhekane nazo ngaphandle nangaphakathi ejele, wayibiza ngokuthi: iFrom Prison To Palace-We Rise Again.
Kamuva nje le ncwadi yakhe yokuqala ibe seyiqokwa emncintiswaneni omkhulu wababhali obizwa nge-The Book Behind Awards, nalapho beyifakwe emunxeni we-Best Motivational Book.
UPro uthi kumjabulisile kakhulu lokhu kuqokwa ngoba kutshengise ukuthi amagalelo akhe azwakele.
“Noma ngingawinanga kodwa ngijabule kakhulu ngokuqokwa kwencwadi yami ngoba bengiqala ukubhala, yingakho ukuqokwa nje kukodwa kufane nomklomelo kimi,” kusho uNdlovu.
Le nsizwa yaseMgungundlovu inamathalente amaningi futhi agqamile njengoba ike yaqokwa futhi ngelokuphatha uhlelo emicimbini kuma-INK Awards ngaphansi komunxa we-Best MC, kanti ngo-2015 yayiqokwe kumaCrown Gospel Awards emunxeni wamahlaya i-Best Gospel Comedy.
