Izindaba

UZULU UHLANGANE NGEZWI LOKUQEDA I-GBV

UNDUNANKULU uNtuli ngesikhathi ekhuluma nabebambe iqhaza kwimashi ngoMgqibelo eThekwini.ISITHOMBE: SINDISWA NXUMALO

OWAMI THABETHE

AMABUTHO akwaZulu nezintombi babambe iqhaza embhikishweni wokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane (GBVF), kwimashi ebisenkabeni yedolobha eThekwini ngoMgqibelo mhla zingama- 17 kuMfumfu, esuke eKing Dinuzulu park.

Lemashi ibiholwa uMdidiyeli wamabutho akwaZulu uMnuz Sipho Mhlongo, ohlanganise amakhulu amabutho, abantwana baseNdlunkulu nezintombi. Bathe lokhu ukuveza ukuthi uZulu akazibandakanyi nesihlava sokubulawa kwabantu besifazane nezingane kodwa uyabavikela.”Indoda yangempela ayimuphakamiseli umuntu wesifazane isandla kodwa iyamuvikela, namhlanje sizothi akuphele nya lokhu esifundazweni sethu”, kusho uMhlongo.

Izintombi zigcizelele ukuthi abesifazane namantombazane badinga ukuvikelwa okukhulu, kanti umphakathi wonke kufanele ubambe iqhaza ekulweni nokuhlukunyezwa kwabo.“Abesifazane namantombazane basengozini yokuhlukunyezwa, ngakho kumele kuqiniswe izindlela zokubavikela futhi kungabekezelelwa udlame olubhekiswe kubo,” kusho izintombi.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ujoyine amabutho nomkhankaso kahulumeni othi ‘Silwa nechilo’ olwa nesihlava seGBV&F, uthe uma abesifazane bengavikelwa amadoda akekho oyokwazi ukubavikela.”Kuwumsebenzi wethu njengamadoda ukuvikela abesifazane nezingane, uma bengazizwa bephephile uma benathi akekho omunye oyokwazi ukubavikela”, kusho uNtuli