ABAFUNDI BAYALWE NGOKUZITHIBA ENSIMBINI

IPHINI leMeya uCllr Zandile Myeni eluleka abafundi ngokubaluleka kokuziphatha kahle.

ABAFUNDI bezikole ezahlukene zaseNsimbini. IZITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
BAYALWE ngokubaluleka kokuzithiba nokungazibankanyi kwezocansi besebancane abafundi bezikole ezahlukene zaseNsimbini, eThekwini. Lezi iziyalo zePhini leMeya yeTheku uCllr Zandile Myeni, ngesikhathi ehola umkhankaso wokuqwashisa ngesihlava sokukhulelwa kwentsha okudla lubi kulezi zikole.
UMasipala uhole lo mkhankaso ngokubambisana nezinhlaka ezahlukene zikahulumeni.UCllr uMyeni uthe abazali, othisha namalunga omphakathi, kufanele babambisane ukulwa nalesi sihlava, ukuze kuvikelwe ikusasa lezingane. “Bafundi ikusasa lenu lilele kwimfundo ngakho kubalulekile ukuthi nifunde, niziphatheni kahle ukuze nizoba nekusasa eliqhakazile. Labo asebezimbandakanya ocansini ngicela basebenzise amajazi omkhwenyana ukuze bangakhulelwa futhi bavikeleke ezifweni ezithathelana ngokocansi,” kusho uCllr Myeni.
