
IBHIXENE BUKHOMA KU-LWAH NE-INKABI RECORDS

UMCULI uLwa Ndlunkulu ongaphansi kwe-Inkabi Records.

UBIG ZULU ungumsunguli wenkampani yokuwopha umculo Inkabi Records. IZITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
INKAMPANI eqopha futhi ekhiqiza umculo Inkabi Records eholwa uBig Zulu, iphika izinsolo zokuthi iyona enesandla ezinkingeni zempilo yomculi uLwah Ndlunkulu abhekene nazo, yathi isimo sakhe sihlobene nezindaba zakhe zangasese.
Lokhu kuvele esitatimendeni esisemthethweni esikhishwe yile nkampani, kulandela ukusabalala kwemibono nezinsolo ezinkundleni zokuxhumana, lapho abanye beyisola ngokuthi inesandla esimweni sempilo salo mculi.
Le nkampani iveze ukuthi ngokolwazi enalo ngokusebenzisana noLwah nomndeni wakhe, izinselelo abhekene nazo zihlobene nezimo zakhe zangasese, okubalwa kuzo izinkinga ezithinta ukusetshenziswa kwezidakamizwa, hhayi izenzo ze-Inkabi Records.
“Sesinesikhathi esingangezinyanga ezimbili sisebenzisana nomndeni kaLwah ukuqinisekisa ukuthi uthola usizo nokwelashwa okufanele. Siyaqinisekisa ukuthi uLwah uthola ukunakekelwa nokwelashwa esikhungweni esikhethelwe yena ngokubonisana nomndeni wakhe, kanti i-Inkabi Records iyasiza ekukhokheleni izindleko zokwelashwa kwakhe,” kusho isitatimende.
Banxuse abantu ukuthi bamfake emithandazweni, bamnike ithuba lokuthola usizo nokululama ngaphandle kwengcindezi nokugxambukela ezindabeni zakhe zangasese.
