
UMATLALA UTHI KWATHIWA AKABHECE NGOBENDE UMKHWANAZI’

UVusimuzi “Cat” Matlala oveze ukuthi wakhishwa ejele ngamaphoyisa amathathu angaphansi kwe-IDAC.

UGENERAL Dumisani Khumalo okwathiwa nelakhe igama alivezwe.
IZITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
KUVELE ukuthi amaphoyisa amathathu angaphansi kophiko oluphenya amacala enkohlakalo i-Independent Directorate Against Corruption (IDAC), akhipha ejele uVusimuzi “Cat” Matlala osolwa ngokuba ngumholi weqembu lezigelekeqe nobhekene noxhaxha lwamacala.
Lokhu kuvele ngesikhathi uMatlala ethula ubufakazi kwiKhomishini kaMadlanga, lapho eveze khona ukuthi lawa maphoyisa amkhipha ejele ethi amhambisa kwiKhomishini, kodwa kunalokho amthatha amusa ehhotela.
“Ngesikhathi sifika ehhotela bangitshela ukuthi abafuni mina, kodwa kukhona abakudingayo kumina. Bangicela ukuthi ngibhece ngobende abantu abathile, okuhlanganisa uKhomishana wamaPhoyisa aKwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uFannie Masemola noGeneral Dumsani Khumalo,” kusho uMatlala.
Kuphinde kwavela ngesikhathi kuqhubeka ubufakazi bukaMatlala ukuthi ngemuva kokuthola ithenda emaphoyiseni, wathatha imali elinganiselwa ezigidini ezingama-R50m zamarandi wayinika owayeyiPhini likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Shadrack Sibiya.
Ubufakazi bukaMatlala kwiKhomishini kaMadlanga kulindeleke ukuthi buqhubeke kusasa ekuseni.
