Izindaba

ITHEKU LISUSE IZAKHIWO EZINGEKHO EMTHETHWENI

UMASIPALA ngesikhathi ukhuculula izindawo ezingekho emthethweni. IZITHOMBE: UMASIPALA WETHEKU

AKHONA DLAMINI

UMASIPALA weTheku ususe izakhiwo ezakhiwe ngokungemthetho ogwini lolwandle eSouth Beach, eThekwini, emkhankasweni wokubuyisa izindawo zomphakathi nokuvikela imvelo.

Lo msebenzi wenziwe ngoMsombuluko, mhla ziyi-9 kuNovemba 2026, ngamaphoyisa kamasipala ebambisene nezinye izisebenzi zakulo masipala.

UMasipala uveze ukuthi ugu lwaseThekwini kanye nendawo okuhanjwa kuyo ngezinyawo (promenade), yizindawo ezibalulekile kwezokuvakasha ezisetshenziswa yizinkulungwane zabantu, okubalwa kuzo izakhamuzi, izivakashi, abagijimi kanye nabathanda ukuziphumulela ngasolwandle.
Uthe ukuhlala ngokungemthetho nokwakha izakhiwo, kungabeka ukuphepha komphakathi engcupheni kuphinde kulimaze imvelo yasogwini entekenteke.

Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi ungakhi izakhiwo noma uhlale ezindaweni ngaphandle kwemvume.