
UMASIPALA WASEMNGENI UZOFUNGISA AMAKHANSELA

ISAZISO esikhishwe uMasipala waseMngeni. IZITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
UMASIPALA waseMngeni usumemezele usuku lomhlangano wokuqala womkhandlu omusha, ozohlanganisa nokufungiswa kwamakhansela asanda kukhethwa azosebenza kusukela ngo-2026 kuya ku-2031.
Lo mhlangano uzoba ngoLwesihlanu, mhla ziyi-13 kuNovemba 2026, eHowick West Community Hall, kusukela ngehora lesi-9 ekuseni.
Lo mhlangano ulandela ukhetho lohulumeni basekhaya, lapho iDemocratic Alliance (DA) idle umhlanganiso kuMasipala waseMngeni, nokubeka uChris Pappas ethubeni elikhulu lokuqhubeka nokuhola umasipala njengeMeya. Kulindeleke ukuthi kube nomsebenzi wokufungiswa kwamakhansela amasha, okuyobe sekulandela ukuqala ngokusemthethweni kwemisebenzi yawo yokuhola nokumela imiphakathi ebavotelile.
Kuzophinde kuhlelwe nobuholi bomkhandlu omusha, okubalwa ukukhethwa kweMeya, iPhini leMeya kanye noSomlomo womkhandlu.
