Izindaba

IMVELO INIKELELWE NGEZINSIZA ZESIBHAKELA

UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula emi nabeMvelo Boxing Promotions. ISITHOMBE :KZNDSAC

AYANDA PHOSWA

IMVELO Boxing Promotions ihlomule ngezinsiza zesibhakela zokuzilolonga, ngesikhathi behlele impi ebizwa ngeReturn to Glory 4 ePietermaritzburg City Hall, eMgungundlovu, ngoMgqibelo.

Lezi zinsiza zokuzilolonga zesibhakela ezizosetshenziselwa ukucija abashayisibhakela, zilethwe uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula. UKhawula uthe lokhu ukwenza ngenxa yokuzibophezela komnyango ekuthuthukisweni kwezemidlalo esifundazweni.

“Silapha ukuxhasa, ukuthuthukisa nokukhuthaza isibhakela saKwaZulu-Natal. Lokhu kuyingxenye yokuthuthukisa abashayi isibhakela. Sitshala kompetha bakusasa balesi sifundazwe, ukuze bagqugquzeleke,”kusho uNgqongqoshe uKhawula.

UPhromotha uNomvelo Magcaba-Sheziuthe iReturn To Glory 4, iqinisekisa ukuthi isibhakela sase-KZN siyaphila, siyakhula, futhi sikhiqiza ompetha abalungele izinga somhlaba.Ubonge iqhaza elibanjwa uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, ekuthuthukiseni isibhakela.

“Lezi zinto zizoklama indima ebalulekile ekukhuliseni ithalente elisha, nasekusekeleni ukuthuthukiswa kwesibhakela esifundazweni,” kusho uNomvelo. Umnyango unikele ngamagilavu ayishumi nambili, ama-punching, isikali nezinye izinto ezibalulekile zokuqeqesha.