Uncategorised

IMBADADA ISUKE YABHEKA PHEZULU KOWE-ISUKILE

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

BELULOKHU lubheke phezulu unyawo kusho ingoma emcimbini i-Isukile oThukela.
Lo mcimbi ohlelwa uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko Namasiko oholwa uMnuz Mntomuhle Khawula.
UKhawula uthi inhloso ye-Isukile ukuvumbulula nokuthuthukisa amakhono kwezemidlalo nezobuciko.
“Siyaye sithi siyadlala kodwa asidlali ngoba ngemidlalo sikwazi ukukhiqiza abaculi, abadlali ngisho nosomlando imbala. Lo mnyango unalo mkhankaso ohambela zonke izindawo komasipala ngenhloso yokushintsha impilo yabantu ikakhulukazi intsha,” esho.
Uthi kabagcini ngokuthuthukisa amakhono kodwa baklama indima enkulu ekulekeleleni intsha ingabi wuvanzi.
USphamandla Sithole weqembu lengoma yezinsizwa ebizwa ngokuthi Ushikishi, ubonge lo mnyango ngokubanika ithuba, ngesikhathi bekhala bemuka nomklomelo ka R10 000.
Uthe uthakasele kakhulu ukuba yingxenye ye-Isukile Talent Search, “Ngibonga kakhulu ukubambisana kwezinkabi esigida nazo, nothando nenhlonipho esinikana kona ngokubambisana. Ngibonga noMnyango ngokukhombisa abantu ukuthi yini ethandwa abantu,” esho.

IZITHOMBE: SPHAH MBHELE