Uncategorised

AMAZULU APHUCWE UMQEQESHI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
umusamedia1@gmail.com

AMAZULU aphucwe umqeqeshi wonozinti uWendell Robinson oseyosebenza noRulani Mokwena osanda kuqokwa njengomqeqeshi omusha weMC Alger yase-Algeria.
Bobabili uRobinson noMokwena basebenze isikhathi eside besakwiMamelodi Sundowns abayinqobele inqwaba yezindebe.
Ngesikhathi iSundowns ichitha uManqoba Mngqithi noRobinson lo mlisa waseWentworth eThekwini ulandwe AmaZulu FC kodwa okumanje okusezomele asheshise athole omunye umqeqeshi wonozinti ngaphambi kokuqala kwesizini yeBetway Premiership ka 2025/26.
UMokwena ulande noSibusiso Mahlangu ozoba umqeqeshi kanye nomqeqeshi waseBelgium ozokuba isekela lakhe.
UMahlangu usebenzile futhi noMokwena kwiWydad Athletic Club yaseMorocco. Kwi-MC Alger uMokwena uzofica umgadli uKhanyo Mayo owayedlala kwiRichards Bay FC neCape Town City.