IMPELASONTO ENKULU KUBATHANDI BEZEMIDLALO E-KZN

UMBIKO: MABUNHLE MLABA noZETHU PHOSWA
umusamedia1@gmail.com
KUZOBA impelasonto enkulu KwaZulu-Natal kubathandi bezemidlalo nobumnandi njengoba kuhlelwe imicimbi emithathu emikhulu kule ngempelasonto.
Ngesikhathi izinkumbi zabalandeli beKaizer Chiefs zizothutheleka eMoses Mabhida Stadium ukuyobuka leli qembu lingcweka ne-Asante Kotoko kwiToyota Cup,abanye bazobe beqonde eKing Cetshwayo District ukuyobuka umdlalo we-KZN Premier’s Cup namahhashi.
IPremier’s Cup izodlalelwa ezinkundleni zemidlalo eMhlathuze Complex Stadium idlalwa amaqembu ayi-6, okubalwa kuwo amathathu akwiPremiership AmaZulu FC, Richards Bay FC neLamontville Golden Arrows kanye nadlala esigabeni esingaphansi iMilford FC neMidlands Wanderers.
IKing Cetshwayo Rural Horce Race izokwenziwa ngoMgqibelo kanti imidlalo yebhola izoqala ngalolo suku bese isongwe ngeSonto.
Baveze ukuthi yize kungekho mali ezogoduka nozonqoba iPremier’s Cup kodwa wonke amaqembu azobamba iqhaza bawahlinzeke ngoR750 000.
Njengamaqembu azodlala kwiPremier’s Cup,iChiefs izosebenzisa lomdlalo waseThekwini ne-Asante ukuzicijela ukuqala koshikishiki lwesizini ka 2025/26. Abazohambela lomdlalo bazozitika nangedili lomculo njengoba umasipala weTheku udidiyele amaciko adumile ukuze abantu bashebe ibhola nokujuxuza.
