OWAMAPHOYISA UPHONSELE INSELELO UMPHAKATHI NGEZINSIZA

ANELE ZUMA
USOMAQHUZU unxuse umphakathi ukuthi kube yiwo oba neso, ekubhekeni izinsiza zamaphoyisa ukuthi zisebenza ngendlela eyiyo yini.
UMajor Gen Phumelele Makhoba oyisekela likaKhomisha KwaZulu-Natal, ukusho lokhu ngesikhathi uNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, edlulisa ngokusemthethweni omahambanendlwane abayu-4, eMayville eThekwini.
“Sibonga kakhulu kuNdunankulu uNtuli ngokusinika laba omahambanendlwane ngenhloso yokulekelela ukulwa nobugebengu ezindaweni eziyisizibda sobugebengu. Siyacela umphakathi ukuthi uzibheke lezi zinsiza ukuthi sisebenza ngokuyiko yini, uma kungenjalo ubike,” esho.
Uthi amaphoyisa nawo aziphathise okwezikhali zamantungwa, baqinisekise ukuthi zenza umsebenzi okuyiwo.
