USEABI UKHUZE IBUYA KWI-CHIPPA UNITED

MALIBONGWE MAZIBUKO
USAQHUBEKA umcimbi wokumemezela ngokusemthethweni abadlali abasha eqenjini leChippa United kulandela ukumemezela uSammy Seabi osebuya isibili kuleli qembu.
Lo mdlali wasesiswini uhlale amasizini amane eseqenjini iMamelodi Sundowns kusukela ngo June 2019 esuka kwi Polokwane City, uchithe iskhathi esiningi ebolekiswa emaqenjini ahluka hlukene okubalwa kuyo iMoroka Swallows iChippa United, iSkhukhune United kanye ne Polokwane City.
Ubuya kwi Chippa United emva kokudlala kuleliqembu ebolekisiwe ngo2021 Kuya 2022 kodwa manje usebuye njengoba weqembu lase-Eastern Cape ngokuphelele
Umenyezelwa nabanye abadlali abasha okubalwa u-Azola Tshobeni, uThulani Mnini, uThamsanqa Magwaza noKhaya Mfecane.
IChippa United izobhekana nomdlalo onzima itholene phezulu nabavikeli besicoco seBetway Premiership iMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ngehora lesithathu emini enkundleni yezemidlalo iNelson Mandela Bay, eQqeberha.
