Uncategorised

UMFUNDI WASE-DUT UZIPHONSE PHANSI WASHONA

AKHONA DLAMINI

BASALE beshaqekile
abafundi base-Durban University of Technology, kulandela ukuziphonsa phansi komfundi wesilisa washonela khona esigamekweni.

Lesi sigameko senzeke ebhilidini eSteve Biko Campus.
Lo mfundi ogama lakhe lisagodliwe ngenxa yokuhlonipha umndeni ongakaziswa ngalolu daba, ubonakale ephezulu ebhilidini ebambelele ngezinsimbi okuyilapho eziphonse phansi.

Lokhu kuphazamise ukufunda ngenxa yokwethuka kwabafundi.

Omunye wabafundi ongafunanga ukudalulwa ubeke wathi, “Ngisakude ukukhohlwa lento engiyibone namuhla, nokukhuluma ngayo kusangithusa. Iqiniso lithi singabafundi sinezinkinga ezahlukahlukene futhi sikhetha ukufela ngaphakathi ingakho izigameko ezikanje ezenzeka, ” esho.

Kwisitatimende esikhishwe yile nyuvesi ikhuthaze abafundi abebekhona ukuthi bafune usizo lwezengqondo kongoti basesikoleni.

I-SRC nayo ikhiphe sayo isitatimende esikhuthaza abafundi nabantu ukuthi bangasabalalisi izithombe namavidiyi esigameko, njengendlela yokuhlonipha isithunzi somufi nomndeni wakhe.

Amaphoyisa kanye nabezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko eseshonile