UDLAME EZIKOLENI LUQINISE ISIVUMELWANO SANGO-2015

UNdunankulu Btuli, Lt General Mkhwanazi noNgqongqoshe Hlomuka.
ONGEZIWE NTONDINI
UKUKHUPHUKA kwezibalo zodlame ezikoleni kwenze kwaqiniswa isivumelwano sangonyaka ka2015.
Lesi sivumelwano esiseqhulwini njengoba ukuzokwethula ngokusemthethweni uhlelo lokuphepha ezikoleni, ngoLwesine e-Achieve Gumede Mayville, ngenhloso yokuqinisekisa isivumelwano soMnyango weZokuxhumana nokuPhepha komphakathi KwaZulu-Natal noMnyango wezeMfundo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli uthi inhloso yalolu hlelo ukuqinisa ukusebenza kwekomidi lwezokuphepha ezikoleni.
Sizoqinisekisa ukusebenza kwamaphoyisa ezindaweni zokuphepha ezikoleni, “ kusho UNdunankulu
Uthi kubalulekile ukwakha izikole eziphephile, ezinakekelayo, kanye nokuvimba ubugebhengu ezinganeni ukuze kube khona ukufunda nokufundisa okusezingeni.
“Siyazibophezela ukubhekana nezimo zobugebengu nodlame ngendlela ehlanganisiwe, “ esho.
Ngokombiko wangonyaka odlule woMnyango wezeMfundo , kwabikwa ukubulawa kwabantu abayi-28 ezikoleni, kanti u-46% kwenzeka KwaZulu-Natal.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka ka 2015, uMnyango Wezemfundo wakha uhlaka lokuphepha ezikoleni (National School Safety Framework – NSSF), basayinda ngokusemthethweni ngonyaka ka-2016.
