INJABULO KUBUYA ISIHLABANI KWI-BARCA

MALIBONGWE MAZIBUKO
ULAMINE Yamal umemezele ukuthi uzobuya emdlalweni weBarcelona weLaLiga bebhekene neReal Sociedad ngeSonto ngemuva kokuphuthelwa yimidlalo emine edlule ngenxa yokulimala.
U-Yamal, 18, akakaze abonakale kusukela ngaphambi kwekhefu lamazwe ngamazwe langoMandulo, ephuthelwa ukunqoba kweBarca bebhekene neValencia, Newcastle United, Getafe kanye neReal Oviedo.
Lo mgadli we-Barça ubhale ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesihlanu ehambisana nevidiyo yezikhathi ezinhle kakhulu kusukela aqala ukudlala kuze kube manje. Ngaphambi kokulimala kwakhe, u-Yamal wayeqale isizini esefomini enhle, eshaya amagoli amabili futhi wadala amanye amabili emidlalweni emithathu yokuqala yesizini yeLaLiga.
Ube eseshaya amanye amagoli amathathu ngesikhathi iSpain inqoba iBulgaria neTurkey emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, kodwa ukubonakala kwakhe kuleyo midlalo akuzange kumphathe kahle umqeqeshi weBarca uHansi Flick.
U-Yamal ujoyine iSpain enenkinga encane ye-groin futhi wabhebhethekisa lolu daba ngenkathi eseqenjini lesizwe, uFlick esola iqembu lesizwe lase Spain ngokunganakekeli abadlali babo abasebancane. U-Yamal uphume indawo yesibili kumklomelo weBallon Dor enqontswe uOusmane Dembele wase France.
