Uncategorised

UDLELWE IMIZI NEZIMOTO UMSHANA KAMENGAMELI WEZWE

UMUZI wakwanokusho wa-Morgan Maumela
. ISITHOMBE:FACEBOOK

AKHONA DLAMINI NO NOMCEBO NGEMA

INHLANZI ishelwe ngamanzi ku-Hangwani Morgan Maumela, ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi uyathinteka kwithenda ka- R2 billion yase Tembisa Hospital, lapho okwabhubhudlwa khona izimali.
U-Adv Andy Mothibi ongumphathi we-Special Investigation Unit (SIU) okuyiyo ephenya amacala kaHangwani Maumela ongumshana kaMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa kanye nabanye.
Uthi sebeyidle yonke imizi eyi-10 kaHangwani, badla zonke izimoto ngisho nezisema-Dealerships baphinde bamisa ukusebenza kwe-Family Trust Fund enezindodla zemali abeyisebenzisa kulamathenda enkohlakalo.
Le Family Trust Fund isihlomule imali engaphezu kuka- R2.3 billion kumathenda kahulumeni kuleminyaka edlule. Baphinde babamba namaBank Accounts akhe okusho ukuthi ayikho imali asazokwazi ukuyithinta, kusuka osukwini lwanamhlanje futhi awukho nomuzi asazokwazi ukungena kuwona.
Uthi owabo umsebenzi akusiwo ukubopha kepha ukwenza lokhu abakwenzayo njengoba ethi i-NPA isasebenza ngawo amacala abo, futhi izoqala nje maduze ibophe labo abathintekayo.
Nazi izakhiwo ezimataniswa negama lakhe:
Indawo eseBantry Bay eCape Town,
Indawo eseHartbeestpoort, eNorth West
Izindawo ezimbili eziseSandton, eGoli
Indawo eseZimbali Estate, eThekwini
Izindawo ezimbili eziseTwin Towers, eWestern Cape

IZIMOTO:

Lamborghini Urus Aventador SVJ
Lamborghini Huracan STO
Lamborghini Aventador Ultimate Coupe
Lamborghini Urus
Lamborghini Continental GT V8
Isuzu D Max
Multipurpose trailer Badger Fiberglass CC
Regency 250 LE boat