Uncategorised

BAKHALA NGOBANDLULO OLUDLA LUBI KWA-HIT & CARTER

SISAQHUBEKA isiteleka sabasebenzi base-Hit&Carter.

NOMCEBO NGEMA

ABASEBENZI base-Hit & Carter bakhala ngobandlululo olunuka phu kule nkampani uma kuyiwa kumaholo, nokuyiko osekuholele ekutheni, abasebenzi banged emgwaqeni beyoteleka enxanxatheleni yezitolo iCornubia, emgwaqeni u22Tottum.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kuthiwa ukucwasa ngokwebala kudla lubi uma beholelwa, bahola imali engefani ekubeni benza umsebenzi owodwa nabebala.
Senza okufanayo nezinye izinhlanga kodwa lona luhola ngaphezu kwethu . Kunabasebenzi abaneminyaka engama-25 besebenza kule nkampani kodwa imiholo yabo ayifikile ku-R7000 ngenyanga. Izikhundla ezinemali ethe xaxa zinikwa abohlanga, ebese thina bebala elimpisholo sinikezwe izikhundla kodwa lutho ukuhola imali ehambisana naleso sikhundla . Undabazantu wethu uyena obhebhethekisa ukucwasa asisamdingi,” kusho umsebenzi walenkampani ongathandanga ukudalulwa ngenxa yokuvikela umsebenzi wakhe.
Okhulumela inyunyana uMnuz Sifiso Mazibuko uthi into abayifunayo ukuthi abasebenzi abenza umsebenzi ofanayo nabezinhlanga, bahole ngendlela efanayo.